Facebook Twitter YouTube Dailymotion Scribd Calameo
Slideshare Issuu Pinterest WhatsApp Instagram Telegram
Chat About Islam Now
Choose your country & click on the link of your language.
Find nearby Islamic centers & GPS location on the map.



Author:


Go on with your language:
qrcode

Yinhle ngani i-Islam? Yamukelwa kanjani i-Islam?

Yinhle ngani i-Islam? Yamukelwa kanjani i-Islam?

Ihlelwe ngu: Abu Karim Al Marakshy

Ihunyushwe ngu: Sfiso Duma

Yinhle ngani i-Islam?

  1. I-Islam ikhipha umuntu ebumnyameni bokukhonza izithixo kanye nokukhonza izidalwa, imfake ekukhonzeni uMdali kuphela.

  1. I-Islam iguqula isimo sempilo yalabo abayilandelayo, njengoba besuke bekade behlupheka ngenxa yokuswela ulwazi, bengamaqaba futhi behlushwa yizimpi zemibangazwe.

  1. I-Islam ihlenge abesifazane engcindezini ebebebhekene nayo njengokubulawa kwabantwana bamantombazane, ukungabi namafa kanye namalungelo, kanye nokuhlukunyezwa.

  1. I-Islam imise ukuthi amaMuslim ahlale ehlanzekile futhi emsulwa emzimbeni nasemphefumulweni.

  1. I-Islam iyakwenqabela ukuhlukumeza izidalwa zika-Allah, kungabe umuntu, isilwane noma izitshalo.

  1. I-Islam igquqguzela abalandeli bayo ukuthi bethathe inselela yokumemela abanye kuyo (Islam), ukubaphephisa eMlilweni.

  1. I-Islam iyakwenqabela ukusetshenziswa kwezinto eziphazamisa umqondo, njengotshwala kanye nezidakamizwa.

  1. I-Islam iyakweqabela ukuziphatha ngendlela engenasimilo nengenanhlonipho, iphinde yenqabele nokuphinga.

  1. I-Islam ivikela izimpahla zabanye, ikwenqabele ukulinyazwa noma ukwebiwa mpahla yomunye umuntu.

  1. I-Islam ivikela umcebo ngakho iyakugwema ukugodlwa kwawo (ngogombela kwesabo).

  1. I-Islam imise ukubambisana emphakathini ngakho iphoqelele i Zakah futhi yagqugquzela nokuphana ngesihle.

  1. I-Islam iqinisekisa ukulingana phakathi kwezinceku zika-Allah, yize zehlukene ngokwebala, kodwa i-Islam ayehlukanisi phakathi komhlophe nomnyama.

  1. I-Islam imise imithandazo emihlanu ngosuku, ukuze ukuxhumana no-Allah kuqhubeke njalo.

  1. Ukuthola umvuzo (omuhle)  ku-Allah akunamkhawulo. Ngakho iMuslim kufanele lihlale liqinisekisa ukuthi liyamthokozisa njalo u-Allah nakungakhohlwa umvuzo walokho ongapheli.

  1. I-Islam ishiya umnyango wentethelelo uvuliwe, lokho kuholela ekuqinisekeni nasekukhuthaleleni ukuphenduka ezonweni.

  1. Sonke isenzo esihle umuntu asenzayo sisusa ezinye zezono zakhe.

  1. Ubulula be-Islam benza kubelulo kuwo wonke umuntu ukuthi ayiqonde, ngaphandle kokuphiceka.

  1. Ukuvuleleka kwe-Islam nokukwazi ukuhambisana nokushintsha kwezinto kuyenza ihlale isesimeni sayo soqobo esingaguquki.

  1. I-Islam iyinkolo yeqiniso u-Allah ayithandela bonke abantu. Uma kunezinkolo eziningi, bekufanele nonkulunkulu bebe baningi. Odunyiswayo Phakade uphakeme Yena ngaphezu kwakho konke (ukuthi angatholelwa abalingani).

  1. I-Islam yiyo kuphela inkolo abalandeli bayo abanoMbhalo wasezulwini osalondeke njengoba unjalo selokho wembulwa ku Mphrofethi [Muhammad (U.K.K.) 1 ].

  1. U Mphrofethi (U.K.K.) 1 we-Islam nguye kuphela abalandeli bakhe ababanesineke sokuqikelela ngemininingwane yempilo yakhe, nezinkulumo zakhe okanye izenzo zakhe, kanye ne Sunnah (Usikompilo) lwakhe olungenasici, olungumthombo wesibili wemithetho ye-Islam.

  1. Yize imiyalezo yaba Phrofethi baphambilini yayibhekiswe kubantu abakhethekile nangesikhathi esikhethekile, i-Islam ibhekiswe kuwowonke kuze kube wuSuku lokwahlulelwa.

  1. I-Islam yiyo kuphela inkolo emhlabeni jikelele enabalandeli abakhonza uMdali wabo ngendlela yezimiso zaKhe qobo, hhayi ngendlela ebhalwe ngabantu bese bethi yimiBhalo eNgcwele.

  1. I-Islam ifundisa ukuba nomusa kulabo ababuthaka nalabo abampofu.

  1. I-Islam ihlambulula imilando yaba Phrofethi ba-Allah ezicini abahlanjalazwa ngazo yilabo abangakholwayo.

  1. Iqinisekisa ukulingana phakathi kwabacebile nabampofu ngendlela yempatho, kungaba se- Masjid (Isakhiwo sokuthandaza) okanye emihlanganweni, labo abacebile abanalo ilungelo lokuchema ngendawo yokuhlala, njengokugudluza labo abampofu endaweni abahleli kuyo.

  1. I-Islam iphoqa ukuthi amaMuslim azile ukuze befunde ukuzithiba, nokuthi bengene ezichathulweni zalabo abampofu ukuthi bazizwa kanjani ngenxa yokweswela kwabo, lokho kugqugquzele ukuba nesandla esiphayo.

  1. I-Islam ikhulisa umphefumulo womuntu ukuze ebe nokuqonda ngokubaluleka kwempilo yaKwelizayo.

  1. I-Islam ayibandlululi phakathi kweMuslim nabanye ekuphaneni umnikelo wesihle.

  1. I-Islam inika umakhelwane amalungelo akhe noma ngabe engesilo iMuslim.

  1. I-Islam ikhuthaza ukuhlonipha abadala nokuba nomusa kwabancane.

  2. I-Islam iqinisekisa amalungelo abazali noma ngabe abasiwo amaMuslim.

  3. I-Islam imisa amalungelo omntwana ngisho engakazalwa.

  4. I-Islam ifundisa ukuhlonipha nokukholelwa kubo bonke aba Phrofethi ba-Allah.

  5. I-Islam ihlenga namalungelo alabo asebashona.

Yamukelwa kanjani i-Islam?

Mfundi othandekayo: Ukwamukela i-Islam kulula kakhulu… Kufanele ukholwe ukuthi nguNkulunkulu kuphela olawula yonke indalo yaKhe, ukuthi uthande lokho uNKulunkulu akuthandayo futhi uzonde lokho akuzondayo, ukuthi uthembele kuYe kuphela, wesabe Yena kuphela, ukhuleke kuYe kuphela.  Yonke imikhuleko yakho, nalonke uhlobo lokukhonza nemithandazo, kanjalo nempilo yakho yonke izoba ngeka-Allah kuphela. Shiya konke obukade ukukhonza ngaphandle kwaKhe, ukholwe ukuthi u-Allah uphakeme kakhulu kunokuba nezici, njengokuthi unendodana,   ‘Akazali futhi akazalwanga’ [Surah Al-lkhlas: 3] .

Futhi kufanele ukholwe ukuthi uJesu ongu Kristu , indodana kaMariya uyinceku ka-Allah nesithunywa saKhe, uyizwi laKhe alithumela kuMariya, umoya ovela kuNkulunkulu. U-Allah wadala uJesu ngesimangaliso esingcwele kumama ngaphandle kukababa, nokuthi akabethelwanga, kodwa u-Allah wamkhuphulela ezulwini.

Ungum phrofethi nesithinywa, njengabo bonke aba phrofethi nezithunywa njengo Nowa, Abrahama, Mose kanye noMuhammad, ukuthula nezibusiso zika-Allah zibe kubo bonke.

Mfundi othandekayo , ngaphambi kokwamukela i-Islam, kumele usho izifungo ezimbili ze-Islam, kusuke enhliziyweni, “Akekho ofanelwe ukukhonzwa ngempela ngaphandle kuka-Allah” “futhi uMuhammad uyisithunywa sika-Allah” , ngolimi lwesi-Arabhu: ( ASH-HADU ALLA ILAHA ILLA-ALLAH, WA ASH-HADU ANNA MUHAMMADAN-RASULULLAH ).

Ngithanda ukukuhalalisela ngalesi sinqumo esingaka, futhi esiyisinqumo esibaluleke kakhulu empilweni yakho. Lesi sikathi okhethe ukuzinikela ngokuphelele ku-Allah siyisikhathi sokuzalwa kwakho kabusha, siyithuba lapho uzikhulule khona kulabo abebehlambalaza u-Allah ngamanga, beguqula inkolo yabo futhi belandela izinkanuko zabo ekukhonzeni uNkulunkulu weqiniso. Manje usungumlandeli wenkolo kaMuhammad beno Kristu (U.K.K. ) 1

Kumele wazi ukuthi isibusiso esikhulu esivela ku-Allah ukuthi ukhethe wena ukuthi wamukele i-Islam, ngakho umbonge u-Allah ngalesi sibusiso . In shaa Allah 2 uzozizwa unokuthula enhliziyweni ongakaze wakuzwa ngaphambilini.  Noma yibuphi ubunzima nezehlakalo ezingakwehlela ngaphandle kwesehlakalo senkolo (e.g. ukulahlekelwa wukholo), kuzoba yizinto ezingatheni kuwe.

Siphetha ngemikhuleko yodumo luka-Allah. iNkosi yezinto zonke.

1 Ukuthula nezibusiso zika-Allah zibe kubo.

2 Uma u-Allah ethandile.


Uma ufisa ukuthola usizo wamukele kahle i-Islam,

noma ufuna ukucaciseleka kanconywana nge-Islam,

Vakashela amahhovisi ethu e-IPCI (Islamic Propagation Centre International)

124 Dennis Hurley Street, Durban 4001

Noma usishayele ocingweni kulenombolo: 031 306 0026


www.islamic-invitation.com

https://islamic-invitation.com/book_details.php?bID=4050

https://islamic-invitation.com/lang_show.php?langID=239

View Site in Mobile | Classic
Share by: